Isintu sethu

Isintu sethu

Share

Sicobelelana ngolwazi lweSintu kanye neMvelaphi yethu, sibuye sichaze naMaphupho ayimlayezo evela eTh

02/06/2026

IKHAYA LILAWULWA ITHONGO...
* umuzi nomuzi unomthetho sisekelo sawo, wabona ikhaya selaphenduka Ikhaya nezinyanga noma izangoma zingena ziphuma lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi kukhona okungahambi ethongweni.
*Ikhaya alingalawulwa yinyanga, isangoma, nomfundisi'mbala.

14/05/2026

Ulimi olungaqondile oludukisa isizwe...

Imbudane le ekhulunywayo uzwa umuntu ethi ingane iyashadwa,ngempela ushade ingane yakho?
Uzwa umuntu ethi uyolobola ingane ayikho into enjalo esintwini.

Aluqonde ulimi zingane zakwethu, lokhu ukungaqondi kolimi kuyaziphambanisa izinto ekugcineni.

03/05/2026

Enye into edala izinkinga ksasa empilweni yilento esiyibonayo lapho umzali eyamukela ilobolo kuze kubekabili kumuntu oyedwa.

Siyi khuluma nini lendaba?

26/04/2026

IMPILO ESIYIPHILAYO....
ngikhuluma ngempilo esiyiphilayo thina sizwe simnyama, thina bakwaNtu lempilo yangampela noma okwenzeka empilweni zethu iphikisa lemibhalo ebhalwe kule ncwadi engcwele ebizwa ngebhayibheli.
* uma uzofunda ibhayibheli lifunde kahle bese ubheka okwenzeka empilweni zethu, bese ungitshele ukuthi kuyahambisana yini ?

Impilo yangempela le akudlalwa.

24/03/2026

UKUPHUPHA I EX YAKHO IKHWEZELA UMLILO....
Iphupho lakho lingabika izincazelo eziningi ezahlukene kuzoya ngesimo sempilo yakho kodwa bheka lokhu okulandelayo...

1). Kungabika imizwa esakhona phakathi kwenu nobabili, kungaba uthando noma intukuthelo.
2).ukubona i ex yakho ikhwezela umlilo ephusheni kungasho ukuthi kukhona inkulumo ayikhulumayo ngawe, umongo wephupho singezwa ngawe bekwenzakalani ngesikhathi ekhwezela umlilo kodwa ububi nobuhle bukhona lapho.
3).kanti futhi kungachaza khona ukuthi kusekhona okungahambi kahle phakathi kwenu mhlawumbe kusadinga ukulungiswa.

Kodwa indaba yomlilo ijulile nayo uma sibuka esintwini yinkulumo ejulile le

26/02/2026

IMIMOYA.....
kuyo yonke lemimoya engiyaziyo ayikho imimoya ehlukumeza njengalemimoya ebizwa ngokuthi
* AMANDAWE.
*AMANDIKI.
La akudlalwa ziyakhala-ke uma ungenwe yilemimoya ubuhlungu ngalemimoya ibucayi ngalendlela eyingozi kakhulukazi uma sihlezi eside isikhathi engelashwa.
Amandawe spirits akafani ngezigaba zakhona kanti futhi akalapheki kalula nje ngichaza ukuthi akusiwo wonke umuntu owazi ukwelapha lomoya, lapho kudingeka umuntu ophiwe ngempela onawo lomoya wamandawe namandawe.

19/02/2026

Uthi ukewayiqaphela lento, ukuthi kukhona abanye bethu abacela izibusiso zalokhu abakufisayo empilweni kodwa bengakakulungeli ukwamukela lezo zibusiso
* Siccela impumelelo.
*Sicela imishado.
Musa ukucela into ongasoze wayphatha kahle

07/02/2026

UMUNTU UVUNA AKUTSHALILE...
Ake sibheke kakhulu esikwenzayo ukuthi ngabe kuqondile yini? njengoba kushiwo ukuthi Umuntu uvuna akutshalile ngeke uthi utshale umdolofiya uvune amaganu aykho into enjalo.

Ake sithi ukugxila kakhulu kulendlela yokwakha isibusiso.
Okwenzeka empilweni zethu njengamanje kungenzeka siyavula okwatshalwa

03/02/2026

I ntombi ayilotsholwa kabili, kusho isintu Hhayi mina.

01/02/2026

INDALO...
singazama ngazozonke izindlela ukuguqula izinto zendalo, kodwa okwendalo akusoze kwaguquka. *sesingakwenza konke sithandaze senze zonke izinto ngemikhuleko yindalo le ngeke kushintshe bafwethu nodadewethu.
* kuyenzeka ngilandele inkolo kodwa ukukholwa kwami nokungakholelwa kwami lokhu akusoze kwaguqula okwendalo njengayo imvelo ebaluleke ngalendlela empilweni zethu.
*Akekho umuntu ozalwa ekwazi ukukhuluma.
*Akekho umuntu ozalwa ekwazi ekwazi ukuhamba.
* konke lokhu kuza ngezigaba ngezigaba okuchaza khona ukuthi imvelo nendalo kubalulekile kuwo wonke umuntu ukuze sonke siphile ngaphansi kwesisekelo semvelo nendalo.

Phansi ngokukholelwa nokungakholelwa okusemqoka wukuthi yini eyenzakalayo.

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Pretoria West?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address


Pretoria West